Lorem Ipsum is simply dummy text of the printing and typesetting industry. Lorem Ipsum has been the industry's standard dummy text ever since the 1500s
How do we deal nokwenyuka kwentengo yokudla noku nomkhulu umthelela ezimpilweni zabantu base Ningizimu Afrika? The Nedgroup Pre-elections Treasurers' Roundtable has revealed that many South Africans are struggling to make ends meet, with others left with little to no savings. Lombiko uveza nokuthi njengoba abathengi bengaphezu kwenkulu ingcindezi, iningi labo seliqalile liphila ngokuboleka imali emabhange. Namhlanje sibheka ibanga elihanjwe i Ningizimu Afrika kusukela ngo 1994 phansi kohulumeni wentando yeningi, nokuthi ngabe the social policies of the ANC are still the answer to the myriad of social challenges facing South Africans? Are social grants sustainable in this economy?
Udlame olweyamene nobulili luyingqinamba enkulu futhi esabalele eNingizimu Afrika, futhi linomthelela cishe ezingxenyeni zonke zempilo. Ezindaweni eziningi abesifazane abayizisulu zokuhlukumeza abanawo amathuba okuthola ukwelulekwa ngokwengqondo okwanele, nokugcina kube nomthelela endleleni abaphila ngayo emphakathini. Njengoba sibheke okhethweni luakzwelonke, ngabe amaqembu ezombusazwe enza okwanele ukunqanda isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane, futhi ngabe sesibone uguquko olwanele kuleminyaka engamashumi amathathu yenkululeko?
UMnyango wezaseKhaya wethule umqulu omusha ongakaphasiswa, ozolawula abasemazweni angaphandle ababhace kuleli, owaziwa ngeWhite Paper on Citizenship, Immigration and Refugee Protection ngonyaka odlule. Kulo mqulu uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe uhulumeni ulungisa umthetho okhona olawula ukungena kwabangaphandle kuleli. Ohlelweni kuleliviki, sibuza ukuthi, yini engenziwa ukuqinisa ukuphepha emngceleni yase-Ningizimu Afrika?
I-ANC, iyona ebusayo esifundazweni sakwaZulu-Natal kusukela ngokhetho lukazwelonke luka-2009, kulonyaka ibhekene nenselelo emaqenjini ezepolitiki afana ne-IFP, DA, EFF kanye neqembu elisanda kusungulwa iMK. Ithini lenhlangano ngaloku kanti uma kufanele kubuswe ngohulumeni wokubambisana kulesi sifundazwe , bazimisele ngokusebenzisana naziphi izinhlangano. Ukuphendula le mibuzo, sikhuluma neNhloko yokhetho ku-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli
Umthethosisekelo wakuleli uhlinzekela inkululeko yenkolo nezinkolelo, okuhlanganisa nelungelo lokusungula, ukujoyina, nokugcina izinhlangano zenkolo. Iyakwenqabela ukucwasa ngokwenkolo futhi icacisa inkululeko yokukhuluma ayidluliseli ekukhuthazeni inzondo esekelwe enkolweni. Although South Africa has never had an official state religion. The country’s constitution explicitly states everyone is right to freedom of conscience, religion, thought, belief and opinion. However, the government actively promoted Christianity throughout much of the 20th century and it remains the most widely followed faith today. Ohlelweni namuhla sibuza ukuthi inaliphi’qhaza inkolo yesintu? Kanti futhi liyini isiko futhi iyini inkolo?
Sekuphenduke insakavukela ukuthi minyaka yonke kube neziteleka ezehlukene ezithinta indaba yokuxhaswa yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme. Akugcini ngezoxhaso kodwa nendaba yezindawo zokuhlala izitshudeni ziyinkinga. Ohlelweni namuhla, sibuza ukuthi is South Africa ready to roll out alternative models of funding for higher education students on a large scale? What role can the general public play in helping students financially to access higher education?
Ukuqedwa kokuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika kudinga isu eliphelele, elisungulwe, nelihlanganisa izinhlangothi eziningi ezedlula izindlela ezijwayelekile. Kudinga ukucatshangelwa kabusha kwemfundo nokuthuthukiswa kwamakhono, ukukhuthaza amabhizinisi namabhizinisi amancane naphakathi nendawo, ukusebenzisa imali ngomnotho wedijithali, kanye nokuguqula izinqubomgomo zemakethe yezemisebenzi.Ukuxoxa kabanzi ngalolu hlelo, sikhuluma neMeya waseMzinyathi , uMnz Petros Ngubane
Ukuguquka kwesimo sezulu kunomthelela omubi eNingizimu Afrika. Ezinye izifunda zibhekene nenkinga yokushoda kwamanzi ngenxa yesomiso, kanti ezinye zinemvula nezikhukhula ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu. Eminyakeni emibili edlule izimvula ezinamandla zadala umonakalo omkhulu esifundeni sakwa KwaZulu-Natal, zashiya izinkulungwane zemindeni dengwane , kwalahleka imiphefumulo engaphezu kuka-445. Loku kwadala umonakalo owabiza izigidigidi zamarandi kwingqalasizinda kanti esigamekweni sakamumva nje, kushone abantu abayisithupha kulandela izikhukhula ezihlasele eMnambithi esifundeni sakwa Zulu-Natali ngobusuku obandulela uKhisimusi wonyaka ofile . Kuleliviki mbukeli sibuza ukuth, ngabe uyazi ukuthi kuyini ukuguquguquka kwesimo sezulu? Kudalwa yini? Kanti futhi ngabe izinhlelo zokuxwayisa kusenesikhathi zingayisiza kanjani imiphakathi ukuthi ilungiselele izehlakalo zesimo sezulu esibi kakhulu?