Lorem Ipsum is simply dummy text of the printing and typesetting industry. Lorem Ipsum has been the industry's standard dummy text ever since the 1500s
- Season 1
How do we deal nokwenyuka kwentengo yokudla noku nomkhulu umthelela ezimpilweni zabantu base Ningizimu Afrika? The Nedgroup Pre-elections Treasurers' Roundtable has revealed that many South Africans are struggling to make ends meet, with others left with little to no savings. Lombiko uveza nokuthi njengoba abathengi bengaphezu kwenkulu ingcindezi, iningi labo seliqalile liphila ngokuboleka imali emabhange. Namhlanje sibheka ibanga elihanjwe i Ningizimu Afrika kusukela ngo 1994 phansi kohulumeni wentando yeningi, nokuthi ngabe the social policies of the ANC are still the answer to the myriad of social challenges facing South Africans? Are social grants sustainable in this economy?
Udlame olweyamene nobulili luyingqinamba enkulu futhi esabalele eNingizimu Afrika, futhi linomthelela cishe ezingxenyeni zonke zempilo. Ezindaweni eziningi abesifazane abayizisulu zokuhlukumeza abanawo amathuba okuthola ukwelulekwa ngokwengqondo okwanele, nokugcina kube nomthelela endleleni abaphila ngayo emphakathini. Njengoba sibheke okhethweni luakzwelonke, ngabe amaqembu ezombusazwe enza okwanele ukunqanda isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane, futhi ngabe sesibone uguquko olwanele kuleminyaka engamashumi amathathu yenkululeko?
UMnyango wezaseKhaya wethule umqulu omusha ongakaphasiswa, ozolawula abasemazweni angaphandle ababhace kuleli, owaziwa ngeWhite Paper on Citizenship, Immigration and Refugee Protection ngonyaka odlule. Kulo mqulu uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe uhulumeni ulungisa umthetho okhona olawula ukungena kwabangaphandle kuleli. Ohlelweni kuleliviki, sibuza ukuthi, yini engenziwa ukuqinisa ukuphepha emngceleni yase-Ningizimu Afrika?
I-ANC, iyona ebusayo esifundazweni sakwaZulu-Natal kusukela ngokhetho lukazwelonke luka-2009, kulonyaka ibhekene nenselelo emaqenjini ezepolitiki afana ne-IFP, DA, EFF kanye neqembu elisanda kusungulwa iMK. Ithini lenhlangano ngaloku kanti uma kufanele kubuswe ngohulumeni wokubambisana kulesi sifundazwe , bazimisele ngokusebenzisana naziphi izinhlangano. Ukuphendula le mibuzo, sikhuluma neNhloko yokhetho ku-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli
Umthethosisekelo wakuleli uhlinzekela inkululeko yenkolo nezinkolelo, okuhlanganisa nelungelo lokusungula, ukujoyina, nokugcina izinhlangano zenkolo. Iyakwenqabela ukucwasa ngokwenkolo futhi icacisa inkululeko yokukhuluma ayidluliseli ekukhuthazeni inzondo esekelwe enkolweni. Although South Africa has never had an official state religion. The country’s constitution explicitly states everyone is right to freedom of conscience, religion, thought, belief and opinion. However, the government actively promoted Christianity throughout much of the 20th century and it remains the most widely followed faith today. Ohlelweni namuhla sibuza ukuthi inaliphi’qhaza inkolo yesintu? Kanti futhi liyini isiko futhi iyini inkolo?
Sekuphenduke insakavukela ukuthi minyaka yonke kube neziteleka ezehlukene ezithinta indaba yokuxhaswa yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme. Akugcini ngezoxhaso kodwa nendaba yezindawo zokuhlala izitshudeni ziyinkinga. Ohlelweni namuhla, sibuza ukuthi is South Africa ready to roll out alternative models of funding for higher education students on a large scale? What role can the general public play in helping students financially to access higher education?
Ukuqedwa kokuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika kudinga isu eliphelele, elisungulwe, nelihlanganisa izinhlangothi eziningi ezedlula izindlela ezijwayelekile. Kudinga ukucatshangelwa kabusha kwemfundo nokuthuthukiswa kwamakhono, ukukhuthaza amabhizinisi namabhizinisi amancane naphakathi nendawo, ukusebenzisa imali ngomnotho wedijithali, kanye nokuguqula izinqubomgomo zemakethe yezemisebenzi.Ukuxoxa kabanzi ngalolu hlelo, sikhuluma neMeya waseMzinyathi , uMnz Petros Ngubane
Ukuguquka kwesimo sezulu kunomthelela omubi eNingizimu Afrika. Ezinye izifunda zibhekene nenkinga yokushoda kwamanzi ngenxa yesomiso, kanti ezinye zinemvula nezikhukhula ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu. Eminyakeni emibili edlule izimvula ezinamandla zadala umonakalo omkhulu esifundeni sakwa KwaZulu-Natal, zashiya izinkulungwane zemindeni dengwane , kwalahleka imiphefumulo engaphezu kuka-445. Loku kwadala umonakalo owabiza izigidigidi zamarandi kwingqalasizinda kanti esigamekweni sakamumva nje, kushone abantu abayisithupha kulandela izikhukhula ezihlasele eMnambithi esifundeni sakwa Zulu-Natali ngobusuku obandulela uKhisimusi wonyaka ofile . Kuleliviki mbukeli sibuza ukuth, ngabe uyazi ukuthi kuyini ukuguquguquka kwesimo sezulu? Kudalwa yini? Kanti futhi ngabe izinhlelo zokuxwayisa kusenesikhathi zingayisiza kanjani imiphakathi ukuthi ilungiselele izehlakalo zesimo sezulu esibi kakhulu?
Amalungu enhlangano yezepolitiki i African National Congress atheleke esifundazweni iMpumalanga ukuzolalela isitatimende sikamongameli walenhlangano phecelezi i-January 8th Statement ngomgqibelo odlule. I-ANC beyigubha iminyaka eyikhulu neshumi nambili 112 years yasungulwa. Leliqembu elibusayo lagcina ngo-2014 ukubambela iJanuwari 8 statement eMpumalanga. This year's statement once again touched on crime, corruption and the ongoing electricity crisis. The statement also outlined the organisation's priorities for the year ahead. Ikakhulukazi njengoba sibheke okhethweni. Ohlelweni namuhla, sibuza ukuthi ngabe mbukeli usazethemba yini izethembiso ezethulwa ilenhlangano kulesisitatimende saminyaka yonke?
Uyini umthelela wokwebiwa, ukucekela phansi nokunganakekelwa kwe ngqalasizinda phecelezi infrastructure ngolwasemzini? Sikubingelele sikwamukele ohlelweni i Asikhulume lets' Talk igama lami nginguBongiwe u Makhumalo wakwaZwane. What is the impact of theft, vandalism and lack of maintenance of infrasctructure? Umbuzo wethu lowo mbukeli.Sikhulume no somabhizinisi abasafufusa baselokishini lase Soweto esifundazweni sase Gauteng ngalenkinga ake sizwe ukuthi bathi umthela waloku yini emabhizinisini abo.
Ukudayiswa kwezindlu zemindeni ngokungemthetho sekwande kakhulu emalokishini amaningi kangangoba ezinye izindawo sezigcwele izindlu ezibhalwe ukuthi “Not For Sale”. Imindeni eminingi izithola isezitaladini futhi ibhekene nomqansa wokuxazulula ukudayiswa okungekho emthethweni kwezindlu ezihlale iminyaka eminingi. Namuhla kwi-Asikhulume sibuza umbuzo othi, kwande kangakanani ukudayiswa ngokungekho emthethweni kwemizi yemindeni emalokishini kanti futhi kwenzeka kanjani loku?
Umbuzo Wosuku: Zithini izimvo zenu ngezimo abahlengikazi abasebenza ngaphansi kwazo eningizimu Afrika? Emavikini nje adlule besigubha usuku lwabahlengikazi emhlabeni wonke ukubungaza igalelo abalidlalayo emphakathini. Sibonile ke ubunzima ababhekana nabo uma benza lomsebenzi obucayi nophathelene nezimpilo zabantu ezinsukwini. Isibonelo sakafushane nje senzeke esifundazweni sase North West lapho abahlengikazi babekade bethweswe icala ngokufaka izingane ezizelwe emabhokisini ngoba imibhede yezingane ingekho kulesisibhedlela. Kodwa ke nabo abahlengikazi bayasolwa ngendlela abanye babo abaphatha ngayo iziguli.
UMBUZO WOSUKU: Kungabe izinhlelo zokulawula izibhamu ziyasebenza eningizimu Afrika? Ucwaningo luveza ukuthi zingu-9000 izibhamu eziduka minyaka yonke, kulinganiselwa ukuthi izibhamu ezingekho emthethweni eziyizigidi ezingu-2.5 zigcwala emigwaqweni, nezinhlamvu nazo zivame ukwebiwa. Izibhamu zebiwa ngisho nasezindlini zobufakazi zamaphoyisa. Naphezu kwezigidi ezingu-300 okubikwa ukuthi zisetshenziswe kwezobuchwepheshe ukufaka uhlelo lokubhalisa izibhamu kudijithali, amaphoyisa asaqopha izibhamu mathupha. UMbuso ukholelwa ukuthi unezibhamu ezibalelwa ku-1.3 million. Phakathi kuka-2005 no-2017, kwebiwa izibhamu zamaphoyisa ezingu-26025 ngokusho kwe-Action Society. Izibhamu ezintshontshiwe zeNhlangano yabanikazi bezibhamu zisetshenziselwa: ukuduna izimoto, ukuphanga imali, izimpi zezimayini ezingekho emthethweni, ukubulala phakathi kokunye. IPopcru ithi amaphoyisa aswele izinsiza, kanti ezinye izinhlangano zomphakathi zithi amanye anenkohlakalo.
Abantu baseNingizimu Afrika babhekene nenkinga yezimali ngenxa yokwehla kwamandla emali, ukwenyuka kwezinga lenzalo kanye nokukhuphuka kwamanani okudla. Iningi ligcina licwila ezikweletwini ngenxa yokungakwazi ukuphila ngaleyo abanayo. Umbiko we-Credit Stress Report wesigaba sesithathu okhishwe ngo-Zibandlela wonyaka odlule uveze ukuthi u-60% of middle-income individuals' salaries go towards servicing credit accounts. Uma ubuka lamaphesenti uyazibuza ukuthi, how then can a person save? Ngaphambi kokuthi samukele izihambeli zethu ake sizwe kubabukeli ukuthi imaphi amasu noma amaqhinga okonga imali kulesi sikhathi samaholidi.
Ngonyaka odlule, iSouth African Depression and Anxiety Group, inxuse abafundi baka-matikuletsheni ukuthi bakubeke eqhulwini ukunakelela ingqondo yabo ngesikhathi sokubhala izivivinyo zokuphela konyaka. Njengoba ukukhishwa kwemiphumela ka-matikuletsheni sekusondele, lesisikhungu siyaqhubeka ngokunxusa abafundi ukuthi bavikele izimpilo makuphuma iziphumo. Izazi zokusebenza kwenqondo zithi kungalesi sikhathi lapho kunyuka izinga lokuzibulala kwabafundi abazithola bengenzaka kahle noma abangayitholanga imiphumela abebeyifisa. Kuleliviki ohlelweni I Asikhulume/Let's Talk sibuza ukuthi yini engenziwa ukugwema ukuzibulala kwabafundi ngesikhathi sokukhishwa kwemiphumela ka-matikuletsheni?